Empeleni i-"design" imaqondana nomumo kanye nendlela into ebonakala iyiyo okukhanga iso. Amanye amadizayini abangelwa ngumsebenzi wento kanye amanye ngawobuhle bokuhlobisa.
Idizayini enhle ngendlela ebukeka ngayo kumele ibe ngentsha neqanjwe kabusha ibe nobuhle ngesheyiphu wayo, ukuhleleka kahle kwezingxenye ezehlukene ; noma umhlobiso ; kanti futhi kumele kwazeke ukuthi ikhiqizwe ngenqubo yezimboni.
kumele ibe nesheyiphu noma ukuhleleka kwezingxenye okubangelwa wumsebenzi wayo; kanti futhi kumele kwazeke ukuthi ikhiqizwe ngenqubo yezimboni.
Ngisho noma kungaphoqelekile ukuthi kwenziwe ucwaningo lokuhlola ubusha nokuba ngeyokuqala idizayini, noma ukuqinisekisa ukuthi akukabi nenye idizayini efanayo noma ecishe ifane, ebhalisiwe ngaphambili, kungcono ukwenza kanjalo ngaphambi kokwenza isiceo sobhaliso . Ukufunisisa ngedizayini kungenziwa ehhovisi le-Design Registry ePitoli. Kumele kwenziwe ngumuntu qobo noma i-agent, efane nommeli wama-patent.
Uma idizayini isiyamukelwe njengentsha yabhaliswa , uzonikezwa isitifikedi sedizayini.
Amadizayini avuselelwa njalo eminyakeni emithathu.
Nikeza ngekhophi yesitifikedi esiqinisekisiwe sikaMazisi wakho yakho.
Ngemuva kwesikhathi sezinyanga eziyisithupha, kwenziwa uhlolo losiko , ebese kunikezwa ubhaliso yedizayini ngenyanga yesikhombisa.
